Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Sawubona Nkosazana endizela phezulu njengoKhozi,
Ngicela indlebe yakho khona uzozidlela nantu ulwazi,
Ngithunywe umlayezo kodwa bathe ngingalayezi muntu,
Bathe ngikulandise kodwa ngingukulandeli umdantu,
Bathe ungibheke khona uzobhema ukholwe konke engikushoyo,
Lendatshana inde kodwa bengizocela ungilinde ngiyiqede.
“Ibekeka kanje ntombinhle engafani nalutho”
Ibhalwe insizwa kodwa kade ingahambi nezizwe,
Ibithula ubhambo lwayo kodwa ayizange izishiye izimbambo zayo,
Ibiphefumulisa inhliziyo futhi ayizange iphelelwe amazwi,
Ibijulile ngenkulumo ubungafunga ukuthi yazalwa uThulile,
Ibithobile emoyeni kwangathi ikutholile ekukade ikufuna,
Ibimoyizela wena owabona amaLanda esebhayizela emoyeni.
Uthando lwayo ludide abaningi lwaze lwadida izithandani ezijabulile,
Uthando ekuthanda ngalo luvele lwagaxela ezinxabanweni zakweminye imizi,
Ibithembile ukuthi nisazotholana , ize yabhala isiphambano,
Ibifuna ukukuphatha kahle kuze kuphatheke kabi izitha,
Ibibona ikusasa eliqhakazile kubengathi lizovele liqhamuke esikhaleni,
Namanje usakhala ngokhathazile laba asebaniqhathile othandandweni lwenu,
Usathemba nisazotholana, nihlale phansi nithobane inhliziyo.
Namhlanje uthi akawuyeke owomuzwa wakhe andlulise lona,
Uthe ezobuhlungu azipheli kodwa injabulo iyaphela,
Uthe akakalilahli ithemba ngoba ilona elimenza aphile namanje,
Usekukhumbule ukukubamba ekuphakamise,
Ekuphendule ekubambise okwephepha,
Ekuqabule isiphongo uvele uhleke!
Kodwa namhlanje uthe ngifike ngithi:
Lothando olwakho lithathe ulijabulele futhi ulithokozele,
Kukhona abafisile ukulithola kodwa azange kwenzeke kubo,
Ngithi ngibonga isibeletho ovela kuso ngoba isona esikwenza intombi ziphelele,
Ngithi qhubeka uziphathe kahle, abafana abapheli emhlabeni,
Kodwa abazokuthanda njangami abasekho.
Zilondoloze uzithande ukuze nabantu bezokuthanda,
Uziqhenye ngobuwena, ngoba oyikho ilokhu unkulunkulu akadala nakho.
Ukuqoma akusho ukuthi usungenza umathanda kodwa kusho ukuthi kukhona isigaba sokukhula osewufikile kuso,
Qhubeka nemisebenzi yakho emihle oyenzayo,
Khona uzoba isibonela esihle kwasabakhula,
Ngithanda mina wena nkosi omuhle, wena Wokunene.
Lesihlahla sakwaNkosi sesekhulile thina sesizodla amaphentshisi.
Yimina Owakho
Njabulo isinzwa yakwaMagubane isibongo,
Ugogo umbiza ngoBule,
Usisi wakhe umbiza ngoBhuthi,
Elebhola uMabulwana,
Elokudlala uMdikheyi,
Izitha zimbiza Khandakhulu,
Kanti isithandwa sakhe sithe uMaLavisto

Izinkondlo Zothando Ezimfishane uthando olungenamkhawulo

Izinkondlo Zothando Ezimfishane uthando olungenamkhawulo

Kepha inhloso bekuwuthando olungenamkhawulo.
Hhayi lensumansumane esiqhelisela kude nenjabulo...
Ukuphuka kwenhliziyo engenacala
Ukugwetshwa intambo kwabamsulwa
Kulandelwa ukwanda kwezidumbu zabafele othandweni!
Impela umfundisi uzithela isisila!
Safihla amahlazo ngakho konke okubukeka kukuhle emehlweni asebantwini!
Sasingenamaphupho thina
Kusukela kudala sasilima kulamasimu lutho asivunanga
Bengithi kweyakho inhliziyo ngizoba elimnandi iculo
Kuthi nalapho ungenakuthula nakuphumula ngibe umlilozelo
Kepha kumanje ngithwele kanzima kulohambo olungenamkhawulo
Aw kodwa ngamaphupho engawathengisa ngamathemba okuhlomula ngothando
Kodwa ke angibekezele kube kanye vele sonke siphila kube kanye okwesibili sekungukwahlulelwa
Ukube ngabambelela kuthando lokuqala mhlawumbe ngabe sengaqhamuka nekhambi kulenxeba!
Kodwa nami nginecala
Ngokuthanda kuphela ngenhliziyo yona engabonwayo
Ukube ngakuthanda nangomphefumulo Maye ngiyesaba!
Ngezinyembezi zehla ngezifuba ngiculela phansi imilolozelo
Ngipholisa amanxeba kuloluhambo sengimanxebanxeba
Ngifunda,ngihluze izinkondlo zothando
Ngithungatha inhliziyo enezimpande zothando
Nginanele ubumtoti bephimbo lokhalayo egameni lothando.
Njengoba inhliziyo yami usuyophule kangaka ngabe bengizobe ngisaphila na!
Ngakuthemba kakhulu ngaze ngakupha namafa!
Ngenhloso yokuvuselela uthando lwethu ngakubambisa ngendandatho
Ingani noJuda wamthengisa uJesu kalula kanjalo ngobucwebe beGolide neSiliva
UNomvula wayekuthanda ukucula
Wayevele ahlabelele ashayele phansi njalo uma sekukhona okonakele
Thina sikhohlisana kakhulu sithi asisoze sihlukane
Sakhohlwa ukushiya indawo yempoxeko
kwakungeyona inhloso
Futhi noThandolwethu lwalungenankohliso
Thina bese siyizigqila zothando ngenhloso yokuthembela othandweni olungenamkhawulo...
Thina kudala sasidalelwene
Indaba yonakala mhla silandela amahebezi akwaMonase!
Wakhohlwa ukulonda lamagama engakunika wona walandela imibono nje yabanye
Thina kade sahlukana
Into ebisimisile nje bese kuwuvalo lokuba ngabodwana
Emabaleni othando bese kugcaluza i"ntombi zakazulu"
Into ebiyigugu bese iyodwa kuphela leyo bekuyithuna lothando lwethu
Ngakho bese kulukhuni ukusuka kulamabala ngenxa yaleligugu
Nalamanxeba bekangasazweli buhlungu angithi bese sizabalaze saqina
Wawungithembisile mhla uhamba
Wawuthe uzongibuyela namaswidi mhla ubuyayo
Wawuthe uzobuye maduzane mhla umukayo
Ngalala ngingadlile ngithi ngilinde ukudla okuphekwe nguwe mhla ubuyayo
Mina ngaluzwa komakhelwane e lokuthi sewathola ishende eGoli
Kungani ugijimisa uthando ngengcebo yomhlaba nemali?
Ushiye insimu esayihlwanyela sobabili ngezandla ugijimele ukuyovuna emasimini ezimuka namthwalo?
Impela uthando lungehlule!

Izinkondlo Zothando: UYONGIKHUMBULA

UYONGIKHUMBULA
Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Uyongikhumbula ngephimbo lami,
Ebelikuhayel’ izinkondlo zothando ngemizwa yami,
Uyolikhumbul’ iqiniso lengqondo yami,
Uyowakhumbul’ amaceb’ emicabango yami,
Ebikad’ ikucushis’ ezincingweni zemicabang’ engcolile,
Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Empilweni yakh’ uyofikelwa usizi nokubalisa,
Ngalamazw’ uzothi ngiyakuqalekisa,
Kodwa ngizam’ ukudlulis’ usizi lwemizwa yam’ ebhekene nokujeziswa,
Bengizimisele ngokukunik’ uthando olungenakupheleliswa,
Kodwa walulahla waqom’ olokwenziwa,
Emva kwezinsuku namahor’ amabili luyovuthiswa,
Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Uyob’ usukuphi ngosuku lokuthath’ isinqumo?
Empilweni yakh’ esofika nolukhul’ uguquko,
Kuyophel’ izifiso namaphupho,
Ubumnandi bothando kuwe buyodlula njengehubo,
Uyob’ ubuswa umzwangedwa nenkumbulo,
Ungasenakusibuyisel’ emumv’ isikhathi sasendulo,
Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Uyongikhumbula ngokungaphez’ empilweni yakho,
Ngiyoba owokuqal’ omkhumbulayo ngay’ ihliziyo yakho,
Uyofikelwa ukwesaba,
Uphelelwe ukwenama,
Uvalo luyokushaya unqanyukelwe amandla,
Empilweni yakh’ uyophel’ umdlandla,

Izinkondlo Zothando Lezi nhliziyo akusizo ezethu

Lezi nhliziyo akusizo ezethu
Zihleli empilweni yethu Kodwa akuzo ezethu
Zinjengempilo ekungasiyo eyethu
Zingezabanye abaziphethe
Kuthina zisemlindweni wabanikazi
Lezi nhliziyo akusizo ezethu.
Le nhliziyo akusiyo eyami
Kuvele kufike owokuhamba ashaye umthetho
Ngeqholo ngiqhethe ngalinde ukubona isiphetho
Lenhliziyo ivele yashaya ukhetho
Yahamba nomuntu wokuhamba.
Ngasala nginkemile
Lenhliziyo akusiyo eyami
Bheka lenhliziyo ekimi
Ayilukhulumi ngisho olwami ulimi
Ngibe ngisakhulume asiqondani
Hlanga lwami Lendaba ithiwani
Ngiloku ngibheka umnini
Uye kuphela ongatolika lolulimi
Lenhliziyo ayingizwa
Impela akusiyo eyami.
Zihambile izihliziyo nabanikazi
Zasakhela abashadikazi
Zaletha amadodana namadodakazi
Mina namanje lento angikayazi
Ihlala kanjani eyomunye komunye
Impela labantu bamuntu munye
Banothando lunye
Nebhayibheli liyasho wakhipha ubambo lomunye
Wakha ngalo omunye
Ngikholiwe namuhla
Izinhliziyo zethu zingezabanye.
Le nhliziyo akusiyo eyami
Ubuhlungu kwinhliziyo ebheka umnini
Linda nhliziyo yami kusasemini
Ngyazi uyakhala uthi kanti uza nini
Kade bekukhohlisa bezenza yena umnini
Mhla efikayo ezolanda inhliziyo yakhe
Uzothatha kwamina uqobo sengingowakhe
Ngihambe naye eyongenza umkakhe
Mhla inhliziyo ifika ekhaya
Iyolala iphumule inethezeke
Ayikho indawo enjengekhaya
Umnikazi uyoyithatha lenhliziyo ayinike ikhaya
Kakade ingeyakhe
Noma ikimi nje
Kodwa lenhliziyo
Akusiyo eyami.
Lezi nhliziyo akusizo ezethu…

Izinkondlo Zothando: KANTI KONAKELEPHI?

KANTI KONAKELEPHI?
Noma bebadlwengul’ abesifazane,
Bebabulal’ abazali abantwana baphenduk’ izintandane,
Izwe lonke likhathazekil’ izitabane,
Baba ngawakh’ amandla thumel’ abazalwane,
Izwe lonke seliphenduk’ undingasithebeni,
Ukufa kusixakile esibakhonzile basishiyil’ emhlabeni,
Izifo zining’ azilapheki asisazi senzeni,
Izinyembezi zoMam’ abazikhala mihla yonke zingangolwandle,
Ngenxa yaMadodana naMadodakazi aseqcwel’ ubulwane,
Intokozo nenjabulo kulomhlaba sekuyinsumansumane,
Isizukulwane esiyophila impilo soyizwa njengembudane,
Nobuhle bomhlaba asisabuboni busithwe zimpukane,
Ngathi bubolile buhanjwa nayizinambuzane,
Ngiyolibiza njal’ elakh’ igama Baba ngingaphezi,
Imithandazo yami iyohamba ngaz’ izinkanyezi,
Ithemba malithunyelwe nguw’ ebantwaneni bakho
Ze!! Basulek’ izinyembezi,
Noma bebadlwengul’ abesifazane,
Bebabulal’ abazali abantwana baphenduk’ izintandane,
Izwe lonke likhathazekil’ izitabane,
Baba ngawakh’ amandla thumel’ abazalwane,
ODadebethu nsukuzonke bakhiph’ izisu
Zezingane zaBafowethu,
Impil’ ishintshile namhlanj’ iyisikweletu,
Nezingane ezincane zidlwengulwe ebesibathembile
Sibabiza ngezenkosi izinceku,
Kanti ngobani esiyobathenba njengoMose naMatewu?
Ngoba lomhlab’ usubolil’ ugcwel’ izimpethu,
Ngiyafis’ ukwazi ukuth’ inkohliso nenkohlakal’
Engaka iqhamukapha kusiph’ isiphethu,
Sengikhalile, ngalila kodw’ uguquk’ angiluboni,
Kunalokho kulomhlaba ziyand’ izoni,
Ifakwelan’ emgqonyeni kadoti
Ingane eneHor’ elilodw’ izelwe nasemehlwen’ ingakaboni?
Lelizwe seligcwel’ ababulal’ abangenamahloni,
Babulal’ ikusasa lezingane nabo bengakaliboni,
Balahlekelwe unembeza ngalokho futh’ abazisoli,
Bahamba ngokukhululeka ngaphandle zangebaboshwa,
Engan’ Amaphiyis’ ajaha amaqola
Naw’ asephenduk’ abasolwa,
Ngitshelen’ iqiniso:
Impilo yakulelizwe iyinganekwane nom’ umhlola?

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Izinkondlo Zothando

Soze Uphumule
Bengikuthanda ngithi ngizokushada,
Kuwena ngenz’ izethembiso zezulu nomhlaba,
Okungabonwanga abanye
Wena wakubon’ usengesam’ isithandwa,
Angish’ ukuthi buya
Kodwa ngifis’ ukwazi isizathu sokuphuma kwami enhlizweni yakho,
Mina bengikuthanda ngolweqinis’ uthando,
Konk’ okubi bengikugwema ngingalifun’ ihlazo,
Kalula nje kanjalo wena wayihlahlel’ inhliziyo yami ngembazo,
Waziqed’ izifiso zolweth’ uzalo,
Namhlanje yazi lokhu, ubungolwam’ ubambo,
Ngaphansi kwentshisekelo yothando
Sobabili besizoluhamba loluhambo,
Bengikholelwa kuwe, ngithi naw’ uyakholelwa kimi,
Kanti ngiyazikhohlisa ngiphuph’ isibil’ emini,
Ngiyohlezi ngikukhumbula ngamahlay’ ebengikuthekelela wona,
Ngob’ ukuhamba kwakho sobe ngakuqonda,
Ngizibuz’ ukuthi, kwaba yibhadi nom’ umhlola?
Nanamhlanje impendulo yakhona sobe ngayithola,
Uhleko lwakho belufihle lukhul’ enhlizweni yakho,
Ungisondez’ eduze nawe
kant’ usifuba singungubele ngaphakathi kwakho,
Isithombe sakho sihlezi sibuy’ emqondweni wami,
Noma ngithi ngiyazam’ ukukukhohlwa
Kodw’ ayivum’ imizwa yami,
Ubuyiqabung’ eliyinukisa kamnand’ inhliziyo yami,
Ngakuthanda ngokweqile
Wangenza ngakhohlwa isimilo sami,
Ngakwenz’ ithemba lawo wonk’ amathemb’ ami,
Wazazi zonk’ izifiso namaphuph’ ami,
Ngazam’ ukukubuyisa
Kodwa ngathol’ ukuthi usukhohlwe unomphela ngami,
Sengiyinhlekisa phambi kwabangani nabazwana nami,
Nanamhlanje ngiyafis’ ukwaz’ isono sami,
Sobe ngasikhohlw’ isenzo sakh’
Enhlizweni yami,
Hamba juba lami kodwa ze bengakucuthi phambili,
Phel’ olwakh’ uthando lusamile namanje kweyam’ inhliziyo,

Izinkondlo Zothando NGALOLOSUKU

NGALOLOSUKU
Uma konke sekudlulile,
Okomhlaba sekuphelile,
Zimbongi niyongihayel' inkondl' ehayekayo,
Eyopholis' amanxeba kwabathunukalayo,
Eyoduduz' abakhalayo,
Kuyobe kuwusuk' olukhulu ezitheni zami,
Kumuncu kwabazwana nami,
Kubuhlungu kwabazalwa nami,
Zimbongi zami, niyohay' inkondlo ngami,
Ekhuluma kabanzi ngezenzo zami,
Mama wami, uyokhuluma ngokujula ngempilo yami,
ONokulila bayosikhihl' esikaNandi,
Kuyobe kungemnandi kubuhlungu ngaphakathi,
Izinyembezi zabakhalayo ziyophenduk' umful' ogelezayo,
Hleze ngawo ziyohlanzek' izono nawo wonk' amacal' ami,
Lolosuku sobe alukhohlw' uMama wami,
Zimbongi zoqobo niyongiduduzel' abaseleyo,
Luyobe selufikil’ olokugcina,
Sekufikil’ okuyisela,