Izinkondlo zothando - Inkondlo: Nkondlo Ngineculo

Nkondlo Ngineculo!

Ekudalweni kokuphila thina sasimelwe ukufa nokubhubha kuphela.
Kepha umusa wasilamulela bheka sesingabantwana bophezulu
Nkondlo ngineculo ,nkondlo nginomhlabelelo!

Kubo lobumnyama thina sibekwe,
sanikezwa saphinde senziwa ukukhanya thina uqobo!
Kungani ubeka ithemba kwabanye abantu nhliziyo yami okuphuma ngomlomo kuyadalwa!
Kungumusa umusa wasenzela umusa kusa!
Wasidala ngowakhe umfanekiso wasibeka emhlabeni wathi sowubusa!
Nkondlo ngineculo nginomhlabelelo!

Nhliziyo yami kungani uzithoba ngenkohliso namagama angenamsuka?
Kungani ulungabaza uthando loMdali owakudalayo?
(Ungabaza uthando loMdali ugijimisa uthando ngemizwa,yizwa!)
Ngizibalile ngazibala ngaze ngazilibala nalezi ebese ngizibalile izibusiso!
Ngibese ngaqonda ukuthi konke okudaliwe kungenhloso,
Kanti nokudalwe kungenhloso hleze ifu lokungakholwa lisibekele ubuso bethu obugcwele ukwahlulela ngokubheka inkambo!

Nkondlo ngineculo
Nkondlo!
Nginomhlabelelo!

Akusilona Iqiniso konke lokho akwenzele khona wakubona nangeziqu zamehlo na?
Akakukhiphanga wena lapho abangena khona balibala yithemba ekuphileni?
Akangenanga nawe lapho kungena abakhethiwe bodwa?
Ngizokuhlabelela kuwena Jehova ngokuba ungenzile!

Nhliziyo yami yamukela lokho owabelwe kona
Ubashaye indiva laba abanomona
Zandla zami balekelani okungavumelani nonembeza.
Konke kunesikhathi sakho!

Izinkondlo zothando - Inkondlo: Nkondlo Ngineculo

Sigijimisa amaphupho ngezindlela ezingenasiphetho
Sibulala ikusasa labanye ngezandla
Ukukhanya sikuvalela ngaphandle
Sijabula masingqubuzana kubo lobumnyama!

Nkondlo ngisosizini, ngisebumnandini
Ngikhumbuze, ungivusele izibongo
Ngihlabelele!

Ngimba izigodi zezibazi zemizwa ngezandla ezigcwele igazi!
Izinyembezi ziyagobhoza zehla ngezifuba!
Ngibuze ngikwendlalele usizi lwami kuwena hleze ngithole usizo!
Uthando lungibambise udonga ngalutheka
Inhliziyo igcwele izibazi ipompa igazi elibolile
Luwububende kwazise lothando selwafela emzimbeni lwabanda mpo!
Ngenxa yothando olusahlulile
Siphenduke izahluleki othandweni
Sabe sesiqoma ukwahlulela labo abathanda ngokweqiniso bengenandaba nanokuthi thina sithini ngabo.
Sikhomba amaphutha ethu othandweni!

Nkondlo ngineculo
Nginomhlabelelo!

Ngihlangane nothandiweyo wami wangitshela ngothando alufake ngaphakathi enhlizweni yami!
Ngakhihla esikaNandi ngikhalela ukumosheka kwegazi lingenacala!
Kwazise uma lugida-gida esizibeni esiyinhliziyo yami esimaxhaphozi adalwe ukopha kwenhliziyo yami engasenamizwa inhliziyo isengama nokushaya igazi ngifunyanwe ngingofileyo egameni lothando.

Inkinga ubuhlakani abuzi nobuhle,
Kanti nobuhle ngaphandle kobuhlakani buyafana nensimbi enkenkethayo ezindlebeni zophila ngokuthula.
Mehlo ami valeka,
Zinyawo zami baleka,
Zandla zami ngibambe!
Ngiqhelisele kude nezinkanuko zenyama!
Konke okukulomhlaba kuyandlula!
Bala izibusiso zakho wena ubonge iNkosi
Nkondlo ngineculo nkondlo...nginomhlabelelo!

Izinkondlo zothando - Inkondlo: Ngithwele Izandla

Izinkondlo zothando - Inkondlo:  Ngithwele Izandla

Wemama ngizithwele
Umhlaba ungehlule
Ngiza kuwe njengothwele
Othwele isibeletho esangethula
Sangithulula kuwo lomhlaba
Mama Ngizethwele!

Nginokwesaba ngivevezele uma ngicabanga,
Ngicabanga ngalenzalo engenzalo
Angithi sebenqena ukubeletha
Sbelokhu beletha!
Amacala enkantolo hawu!

''KwaMashu,
Kutholokale uswana eplastikini kaMaspala Yey
mama ngyesaba ukwethula lomtwana!
Ngisabathe ngiyaqalaza
Sengisaba nokubuza
Abangani bonke bagcina bezithwele
Uphele u9-months sibheke ngawo akake umbombo kodwa lutho
Asikubonanga abebekuthwele!

Uzothi uyezwa kuthiwa estamkokweni sekukhona amathumbu atholakele,
Ubani olahle imbewu yokukhanya
Yini nihluleke ukucabangela ikusasa
Kodwa nizicabangela ngabodwana!

Wemama Ngizethwele!
Izandla ekhanda ngiyesaba nokukudalula engikubone ngamehlo
Kwafakazwa yinhliziyo
Ngiyesaba ukukhuluma unembeza ushawa luvalo!

Nginokwesaba njalo mangibheka izingane zidlala zitshakadula
Njengamathole ebona unina ngizibuze,
Lamathambo anqatshelwe ukubumbana
Ngabe bayokhuluma bathini mhla amafu ephambana nomhlaba
Sengisho nalapho esebuya lowo obuyayo ngoba yena uyabuya sekukdala simulindile!

Nzalo yentsha entsha futhi esiphila ngokungahlukile nenja
Nzalo yentsha kusekuningi eningakushintsha,
Isengaphendulwa lemithandazo ephelezelwa yimibuzo
Ubani owanifundisa ukugxeka kuMdali?

Wemama ngizethwele!

Izinkondlo zothando - Inkondlo: UTHANDO OLUNGENAMKHAWULO

Izinkondlo zothando - Inkondlo:  UTHANDO OLUNGENAMKHAWULO

Kepha inhloso bekuwuthando olungenamkhawulo.
Hhayi lensumansumane esiqhelisela kude nenjabulo...

Ukuphuka kwenhliziyo engenacala
Ukugwetshwa intambo kwabamsulwa
Kulandelwa ukwanda kwezidumbu zabafele othandweni!
Impela umfundisi uzithela isisila!

Safihla amahlazo ngakho konke okubukeka kukuhle emehlweni asebantwini!
Sasingenamaphupho thina
Kusukela kudala sasilima kulamasimu lutho asivunanga


Bengithi kweyakho inhliziyo ngizoba elimnandi iculo
Kuthi nalapho ungenakuthula nakuphumula ngibe umlilozelo
Kepha kumanje ngithwele kanzima kulohambo olungenamkhawulo
Aw kodwa ngamaphupho engawathengisa ngamathemba okuhlomula ngothando
Kodwa ke angibekezele kube kanye vele sonke siphila kube kanye okwesibili sekungukwahlulelwa
Ukube ngabambelela kuthando lokuqala mhlawumbe ngabe sengaqhamuka nekhambi kulenxeba!
Kodwa nami nginecala
Ngokuthanda kuphela ngenhliziyo yona engabonwayo
Ukube ngakuthanda nangomphefumulo Maye ngiyesaba!


Ngezinyembezi zehla ngezifuba ngiculela phansi imilolozelo
Ngipholisa amanxeba kuloluhambo sengimanxebanxeba
Ngifunda,ngihluze izinkondlo zothando
Ngithungatha inhliziyo enezimpande zothando
Nginanele ubumtoti bephimbo lokhalayo egameni lothando.
Njengoba inhliziyo yami usuyophule kangaka ngabe bengizobe ngisaphila na!


Ngakuthemba kakhulu ngaze ngakupha namafa!
Ngenhloso yokuvuselela uthando lwethu ngakubambisa ngendandatho
Ingani noJuda wamthengisa uJesu kalula kanjalo ngobucwebe beGolide neSiliva

UNomvula wayekuthanda ukucula
Wayevele ahlabelele ashayele phansi njalo uma sekukhona okonakele
Thina sikhohlisana kakhulu sithi asisoze sihlukane
Sakhohlwa ukushiya indawo yempoxeko

kwakungeyona inhloso
Futhi noThandolwethu lwalungenankohliso
Thina bese siyizigqila zothando ngenhloso yokuthembela othandweni olungenamkhawulo...
Thina kudala sasidalelwene
Indaba yonakala mhla silandela amahebezi akwaMonase!
Wakhohlwa ukulonda lamagama engakunika wona walandela imibono nje yabanye
Thina kade sahlukana
Into ebisimisile nje bese kuwuvalo lokuba ngabodwana
Emabaleni othando bese kugcaluza i"ntombi zakazulu"
Into ebiyigugu bese iyodwa kuphela leyo bekuyithuna lothando lwethu
Ngakho bese kulukhuni ukusuka kulamabala ngenxa yaleligugu
Nalamanxeba bekangasazweli buhlungu angithi bese sizabalaze saqina

Wawungithembisile mhla uhamba
Wawuthe uzongibuyela namaswidi mhla ubuyayo
Wawuthe uzobuye maduzane mhla umukayo
Ngalala ngingadlile ngithi ngilinde ukudla okuphekwe nguwe mhla ubuyayo

Mina ngaluzwa komakhelwane e lokuthi sewathola ishende eGoli
Kungani ugijimisa uthando ngengcebo yomhlaba nemali?
Ushiye insimu esayihlwanyela sobabili ngezandla ugijimele ukuyovuna emasimini ezimuka namthwalo?
Impela uthando lungehlule!