Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Sawubona Nkosazana endizela phezulu njengoKhozi,
Ngicela indlebe yakho khona uzozidlela nantu ulwazi,
Ngithunywe umlayezo kodwa bathe ngingalayezi muntu,
Bathe ngikulandise kodwa ngingukulandeli umdantu,
Bathe ungibheke khona uzobhema ukholwe konke engikushoyo,
Lendatshana inde kodwa bengizocela ungilinde ngiyiqede.
“Ibekeka kanje ntombinhle engafani nalutho”
Ibhalwe insizwa kodwa kade ingahambi nezizwe,
Ibithula ubhambo lwayo kodwa ayizange izishiye izimbambo zayo,
Ibiphefumulisa inhliziyo futhi ayizange iphelelwe amazwi,
Ibijulile ngenkulumo ubungafunga ukuthi yazalwa uThulile,
Ibithobile emoyeni kwangathi ikutholile ekukade ikufuna,
Ibimoyizela wena owabona amaLanda esebhayizela emoyeni.
Uthando lwayo ludide abaningi lwaze lwadida izithandani ezijabulile,
Uthando ekuthanda ngalo luvele lwagaxela ezinxabanweni zakweminye imizi,
Ibithembile ukuthi nisazotholana , ize yabhala isiphambano,
Ibifuna ukukuphatha kahle kuze kuphatheke kabi izitha,
Ibibona ikusasa eliqhakazile kubengathi lizovele liqhamuke esikhaleni,
Namanje usakhala ngokhathazile laba asebaniqhathile othandandweni lwenu,
Usathemba nisazotholana, nihlale phansi nithobane inhliziyo.
Namhlanje uthi akawuyeke owomuzwa wakhe andlulise lona,
Uthe ezobuhlungu azipheli kodwa injabulo iyaphela,
Uthe akakalilahli ithemba ngoba ilona elimenza aphile namanje,
Usekukhumbule ukukubamba ekuphakamise,
Ekuphendule ekubambise okwephepha,
Ekuqabule isiphongo uvele uhleke!
Kodwa namhlanje uthe ngifike ngithi:
Lothando olwakho lithathe ulijabulele futhi ulithokozele,
Kukhona abafisile ukulithola kodwa azange kwenzeke kubo,
Ngithi ngibonga isibeletho ovela kuso ngoba isona esikwenza intombi ziphelele,
Ngithi qhubeka uziphathe kahle, abafana abapheli emhlabeni,
Kodwa abazokuthanda njangami abasekho.
Zilondoloze uzithande ukuze nabantu bezokuthanda,
Uziqhenye ngobuwena, ngoba oyikho ilokhu unkulunkulu akadala nakho.
Ukuqoma akusho ukuthi usungenza umathanda kodwa kusho ukuthi kukhona isigaba sokukhula osewufikile kuso,
Qhubeka nemisebenzi yakho emihle oyenzayo,
Khona uzoba isibonela esihle kwasabakhula,
Ngithanda mina wena nkosi omuhle, wena Wokunene.
Lesihlahla sakwaNkosi sesekhulile thina sesizodla amaphentshisi.
Yimina Owakho
Njabulo isinzwa yakwaMagubane isibongo,
Ugogo umbiza ngoBule,
Usisi wakhe umbiza ngoBhuthi,
Elebhola uMabulwana,
Elokudlala uMdikheyi,
Izitha zimbiza Khandakhulu,
Kanti isithandwa sakhe sithe uMaLavisto

Izinkondlo Zothando Ezimfishane uthando olungenamkhawulo

Izinkondlo Zothando Ezimfishane uthando olungenamkhawulo

Kepha inhloso bekuwuthando olungenamkhawulo.
Hhayi lensumansumane esiqhelisela kude nenjabulo...
Ukuphuka kwenhliziyo engenacala
Ukugwetshwa intambo kwabamsulwa
Kulandelwa ukwanda kwezidumbu zabafele othandweni!
Impela umfundisi uzithela isisila!
Safihla amahlazo ngakho konke okubukeka kukuhle emehlweni asebantwini!
Sasingenamaphupho thina
Kusukela kudala sasilima kulamasimu lutho asivunanga
Bengithi kweyakho inhliziyo ngizoba elimnandi iculo
Kuthi nalapho ungenakuthula nakuphumula ngibe umlilozelo
Kepha kumanje ngithwele kanzima kulohambo olungenamkhawulo
Aw kodwa ngamaphupho engawathengisa ngamathemba okuhlomula ngothando
Kodwa ke angibekezele kube kanye vele sonke siphila kube kanye okwesibili sekungukwahlulelwa
Ukube ngabambelela kuthando lokuqala mhlawumbe ngabe sengaqhamuka nekhambi kulenxeba!
Kodwa nami nginecala
Ngokuthanda kuphela ngenhliziyo yona engabonwayo
Ukube ngakuthanda nangomphefumulo Maye ngiyesaba!
Ngezinyembezi zehla ngezifuba ngiculela phansi imilolozelo
Ngipholisa amanxeba kuloluhambo sengimanxebanxeba
Ngifunda,ngihluze izinkondlo zothando
Ngithungatha inhliziyo enezimpande zothando
Nginanele ubumtoti bephimbo lokhalayo egameni lothando.
Njengoba inhliziyo yami usuyophule kangaka ngabe bengizobe ngisaphila na!
Ngakuthemba kakhulu ngaze ngakupha namafa!
Ngenhloso yokuvuselela uthando lwethu ngakubambisa ngendandatho
Ingani noJuda wamthengisa uJesu kalula kanjalo ngobucwebe beGolide neSiliva
UNomvula wayekuthanda ukucula
Wayevele ahlabelele ashayele phansi njalo uma sekukhona okonakele
Thina sikhohlisana kakhulu sithi asisoze sihlukane
Sakhohlwa ukushiya indawo yempoxeko
kwakungeyona inhloso
Futhi noThandolwethu lwalungenankohliso
Thina bese siyizigqila zothando ngenhloso yokuthembela othandweni olungenamkhawulo...
Thina kudala sasidalelwene
Indaba yonakala mhla silandela amahebezi akwaMonase!
Wakhohlwa ukulonda lamagama engakunika wona walandela imibono nje yabanye
Thina kade sahlukana
Into ebisimisile nje bese kuwuvalo lokuba ngabodwana
Emabaleni othando bese kugcaluza i"ntombi zakazulu"
Into ebiyigugu bese iyodwa kuphela leyo bekuyithuna lothando lwethu
Ngakho bese kulukhuni ukusuka kulamabala ngenxa yaleligugu
Nalamanxeba bekangasazweli buhlungu angithi bese sizabalaze saqina
Wawungithembisile mhla uhamba
Wawuthe uzongibuyela namaswidi mhla ubuyayo
Wawuthe uzobuye maduzane mhla umukayo
Ngalala ngingadlile ngithi ngilinde ukudla okuphekwe nguwe mhla ubuyayo
Mina ngaluzwa komakhelwane e lokuthi sewathola ishende eGoli
Kungani ugijimisa uthando ngengcebo yomhlaba nemali?
Ushiye insimu esayihlwanyela sobabili ngezandla ugijimele ukuyovuna emasimini ezimuka namthwalo?
Impela uthando lungehlule!

Izinkondlo Zothando: UYONGIKHUMBULA

UYONGIKHUMBULA
Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Uyongikhumbula ngephimbo lami,
Ebelikuhayel’ izinkondlo zothando ngemizwa yami,
Uyolikhumbul’ iqiniso lengqondo yami,
Uyowakhumbul’ amaceb’ emicabango yami,
Ebikad’ ikucushis’ ezincingweni zemicabang’ engcolile,
Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Empilweni yakh’ uyofikelwa usizi nokubalisa,
Ngalamazw’ uzothi ngiyakuqalekisa,
Kodwa ngizam’ ukudlulis’ usizi lwemizwa yam’ ebhekene nokujeziswa,
Bengizimisele ngokukunik’ uthando olungenakupheleliswa,
Kodwa walulahla waqom’ olokwenziwa,
Emva kwezinsuku namahor’ amabili luyovuthiswa,
Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Uyob’ usukuphi ngosuku lokuthath’ isinqumo?
Empilweni yakh’ esofika nolukhul’ uguquko,
Kuyophel’ izifiso namaphupho,
Ubumnandi bothando kuwe buyodlula njengehubo,
Uyob’ ubuswa umzwangedwa nenkumbulo,
Ungasenakusibuyisel’ emumv’ isikhathi sasendulo,
Um’ uthando selulahlekelwe yikho konke,
Umhlaba usuphelelwe yizinto zonke,
Uyongikhumbula ngokungaphez’ empilweni yakho,
Ngiyoba owokuqal’ omkhumbulayo ngay’ ihliziyo yakho,
Uyofikelwa ukwesaba,
Uphelelwe ukwenama,
Uvalo luyokushaya unqanyukelwe amandla,
Empilweni yakh’ uyophel’ umdlandla,

Izinkondlo Zothando Lezi nhliziyo akusizo ezethu

Lezi nhliziyo akusizo ezethu
Zihleli empilweni yethu Kodwa akuzo ezethu
Zinjengempilo ekungasiyo eyethu
Zingezabanye abaziphethe
Kuthina zisemlindweni wabanikazi
Lezi nhliziyo akusizo ezethu.
Le nhliziyo akusiyo eyami
Kuvele kufike owokuhamba ashaye umthetho
Ngeqholo ngiqhethe ngalinde ukubona isiphetho
Lenhliziyo ivele yashaya ukhetho
Yahamba nomuntu wokuhamba.
Ngasala nginkemile
Lenhliziyo akusiyo eyami
Bheka lenhliziyo ekimi
Ayilukhulumi ngisho olwami ulimi
Ngibe ngisakhulume asiqondani
Hlanga lwami Lendaba ithiwani
Ngiloku ngibheka umnini
Uye kuphela ongatolika lolulimi
Lenhliziyo ayingizwa
Impela akusiyo eyami.
Zihambile izihliziyo nabanikazi
Zasakhela abashadikazi
Zaletha amadodana namadodakazi
Mina namanje lento angikayazi
Ihlala kanjani eyomunye komunye
Impela labantu bamuntu munye
Banothando lunye
Nebhayibheli liyasho wakhipha ubambo lomunye
Wakha ngalo omunye
Ngikholiwe namuhla
Izinhliziyo zethu zingezabanye.
Le nhliziyo akusiyo eyami
Ubuhlungu kwinhliziyo ebheka umnini
Linda nhliziyo yami kusasemini
Ngyazi uyakhala uthi kanti uza nini
Kade bekukhohlisa bezenza yena umnini
Mhla efikayo ezolanda inhliziyo yakhe
Uzothatha kwamina uqobo sengingowakhe
Ngihambe naye eyongenza umkakhe
Mhla inhliziyo ifika ekhaya
Iyolala iphumule inethezeke
Ayikho indawo enjengekhaya
Umnikazi uyoyithatha lenhliziyo ayinike ikhaya
Kakade ingeyakhe
Noma ikimi nje
Kodwa lenhliziyo
Akusiyo eyami.
Lezi nhliziyo akusizo ezethu…

Izinkondlo Zothando: KANTI KONAKELEPHI?

KANTI KONAKELEPHI?
Noma bebadlwengul’ abesifazane,
Bebabulal’ abazali abantwana baphenduk’ izintandane,
Izwe lonke likhathazekil’ izitabane,
Baba ngawakh’ amandla thumel’ abazalwane,
Izwe lonke seliphenduk’ undingasithebeni,
Ukufa kusixakile esibakhonzile basishiyil’ emhlabeni,
Izifo zining’ azilapheki asisazi senzeni,
Izinyembezi zoMam’ abazikhala mihla yonke zingangolwandle,
Ngenxa yaMadodana naMadodakazi aseqcwel’ ubulwane,
Intokozo nenjabulo kulomhlaba sekuyinsumansumane,
Isizukulwane esiyophila impilo soyizwa njengembudane,
Nobuhle bomhlaba asisabuboni busithwe zimpukane,
Ngathi bubolile buhanjwa nayizinambuzane,
Ngiyolibiza njal’ elakh’ igama Baba ngingaphezi,
Imithandazo yami iyohamba ngaz’ izinkanyezi,
Ithemba malithunyelwe nguw’ ebantwaneni bakho
Ze!! Basulek’ izinyembezi,
Noma bebadlwengul’ abesifazane,
Bebabulal’ abazali abantwana baphenduk’ izintandane,
Izwe lonke likhathazekil’ izitabane,
Baba ngawakh’ amandla thumel’ abazalwane,
ODadebethu nsukuzonke bakhiph’ izisu
Zezingane zaBafowethu,
Impil’ ishintshile namhlanj’ iyisikweletu,
Nezingane ezincane zidlwengulwe ebesibathembile
Sibabiza ngezenkosi izinceku,
Kanti ngobani esiyobathenba njengoMose naMatewu?
Ngoba lomhlab’ usubolil’ ugcwel’ izimpethu,
Ngiyafis’ ukwazi ukuth’ inkohliso nenkohlakal’
Engaka iqhamukapha kusiph’ isiphethu,
Sengikhalile, ngalila kodw’ uguquk’ angiluboni,
Kunalokho kulomhlaba ziyand’ izoni,
Ifakwelan’ emgqonyeni kadoti
Ingane eneHor’ elilodw’ izelwe nasemehlwen’ ingakaboni?
Lelizwe seligcwel’ ababulal’ abangenamahloni,
Babulal’ ikusasa lezingane nabo bengakaliboni,
Balahlekelwe unembeza ngalokho futh’ abazisoli,
Bahamba ngokukhululeka ngaphandle zangebaboshwa,
Engan’ Amaphiyis’ ajaha amaqola
Naw’ asephenduk’ abasolwa,
Ngitshelen’ iqiniso:
Impilo yakulelizwe iyinganekwane nom’ umhlola?

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Izinkondlo Zothando

Soze Uphumule
Bengikuthanda ngithi ngizokushada,
Kuwena ngenz’ izethembiso zezulu nomhlaba,
Okungabonwanga abanye
Wena wakubon’ usengesam’ isithandwa,
Angish’ ukuthi buya
Kodwa ngifis’ ukwazi isizathu sokuphuma kwami enhlizweni yakho,
Mina bengikuthanda ngolweqinis’ uthando,
Konk’ okubi bengikugwema ngingalifun’ ihlazo,
Kalula nje kanjalo wena wayihlahlel’ inhliziyo yami ngembazo,
Waziqed’ izifiso zolweth’ uzalo,
Namhlanje yazi lokhu, ubungolwam’ ubambo,
Ngaphansi kwentshisekelo yothando
Sobabili besizoluhamba loluhambo,
Bengikholelwa kuwe, ngithi naw’ uyakholelwa kimi,
Kanti ngiyazikhohlisa ngiphuph’ isibil’ emini,
Ngiyohlezi ngikukhumbula ngamahlay’ ebengikuthekelela wona,
Ngob’ ukuhamba kwakho sobe ngakuqonda,
Ngizibuz’ ukuthi, kwaba yibhadi nom’ umhlola?
Nanamhlanje impendulo yakhona sobe ngayithola,
Uhleko lwakho belufihle lukhul’ enhlizweni yakho,
Ungisondez’ eduze nawe
kant’ usifuba singungubele ngaphakathi kwakho,
Isithombe sakho sihlezi sibuy’ emqondweni wami,
Noma ngithi ngiyazam’ ukukukhohlwa
Kodw’ ayivum’ imizwa yami,
Ubuyiqabung’ eliyinukisa kamnand’ inhliziyo yami,
Ngakuthanda ngokweqile
Wangenza ngakhohlwa isimilo sami,
Ngakwenz’ ithemba lawo wonk’ amathemb’ ami,
Wazazi zonk’ izifiso namaphuph’ ami,
Ngazam’ ukukubuyisa
Kodwa ngathol’ ukuthi usukhohlwe unomphela ngami,
Sengiyinhlekisa phambi kwabangani nabazwana nami,
Nanamhlanje ngiyafis’ ukwaz’ isono sami,
Sobe ngasikhohlw’ isenzo sakh’
Enhlizweni yami,
Hamba juba lami kodwa ze bengakucuthi phambili,
Phel’ olwakh’ uthando lusamile namanje kweyam’ inhliziyo,

Izinkondlo Zothando NGALOLOSUKU

NGALOLOSUKU
Uma konke sekudlulile,
Okomhlaba sekuphelile,
Zimbongi niyongihayel' inkondl' ehayekayo,
Eyopholis' amanxeba kwabathunukalayo,
Eyoduduz' abakhalayo,
Kuyobe kuwusuk' olukhulu ezitheni zami,
Kumuncu kwabazwana nami,
Kubuhlungu kwabazalwa nami,
Zimbongi zami, niyohay' inkondlo ngami,
Ekhuluma kabanzi ngezenzo zami,
Mama wami, uyokhuluma ngokujula ngempilo yami,
ONokulila bayosikhihl' esikaNandi,
Kuyobe kungemnandi kubuhlungu ngaphakathi,
Izinyembezi zabakhalayo ziyophenduk' umful' ogelezayo,
Hleze ngawo ziyohlanzek' izono nawo wonk' amacal' ami,
Lolosuku sobe alukhohlw' uMama wami,
Zimbongi zoqobo niyongiduduzel' abaseleyo,
Luyobe selufikil’ olokugcina,
Sekufikil’ okuyisela,

Izinkondlo Zothando: UTHAND' OLUNGENAMKHAWULO

UTHAND' OLUNGENAMKHAWULO
Izinyembezi zothando zihlobo zosizi,
umcabango wothando sihlobo senhliziyo,
Yebo!! Yebo!! ngiyakuthanda sihlobo,
Namhlanje ngiyavuma kim' usihlobo somphefumulo,
Iqiniso ngothand' angilazi kodwa kuwe ngizoyithol' impendulo,
Njengasendulo loluthando kuwe luza ngezinyaw' ezingenazicathulo,
Ngiyakuthembisa sobabili sohlezi sithandana njengesinqa nesitulo,
Woza kweyam' inhliziyo sicule lelihuboooooh,

uthando lwami ngawe mntanomuntu
Lunjengeselesel' elishelwe amanzi,
Kodwa kuwe ngiqinisile ngizowuthol' umthomb' okhethekile,
Enhlizweni yami, uwena kuphel' othandekile,
Ngelothand' igama kimi wen' uqambekile,
Sobe mina ngikuhlukumeze wen' uthembekile,
Hlala nami sphalaphala iphupho lami lobe lifezekile,
Usizi lwami kulomhlaba luyobe selusuliwe,

Ngomunwe wothando wen' usukhonjiwe,
Izinyembezi zothando zihlobo zosizi,
Umcabango wothando sihlobo senhlliziyo,
Qala phansi kweyakh' inhliziyo ungibhale phansi,
ngizokunik'uthando kuphela, kuwe angijahe Cansi,
ngithath' ungenz' owakho, ungithand' ungananazi,

Kunini ngidavuz' empilweni ngingenantokaz' engizoyib' umfazi?
Angikhulum' amanga ngizokwenz' umlobokazi,
Phela wen' uyintandokazi eyengamel' izintokazi,
Phakathi kwamakhosikazi ngizokukhetha ngikwenz' unkosikazi,
Yebo!!! ngiqinisile kweyam' inhliziyo uyiNdlovukazi,

Izinkondlo Zothando

UYIN' UMUNTU WESIMAME
Uyinja, unobunja, wenzis' okwenja,
Uphilis' okwenja, udlis' okwenja, uyinja nje,
Uyisilima, unobungozi mqaphelisise,
Uyin' umuntu wesimame?
Akanal' uthando, mqaphelisise,
Akanab' ubuntu, mcabangisise,
Uyazenzisa, mbhekisise,
Impisi nesikhumba semv' uqobo,
Uyin' umuntu wesimame?
Sondez' indlebe ngikuhlebele,
Lalela lapha ngikuzekele,
Uyinj' exhaph' amanz' ingaqedi,
Yon' ekhonkoth' ingath' ingaphezi,
UnamaRab' angalapheki,
Khumbula ngiyakuhlebela,
Ngililel' isizukulwane samadod' esizayo,
Kuzo lezizinj' ezinamazinyo
Abukhal' ahlabayo,
Ziyofa zizilanda lezizinto ngiyafunga,
Woza ngikuphenqel' ifayela,
Uyin' umuntu wesimame?

Izinkondlo: Shwa Shwi, Shwi dolo

Shwa Shwi, Shwi dolo
Kushubile phandl' amakhaz' aqhaqhazelis' amadolo,
Akukh' okuyongilamulela ngaphandle kwemibono yengqondo,
Inhliziy' igodole sekuzekwaphel' ozavolo,
anginakusola muntu yimin' isishimane soqobo,
Shwa Shwi, Shwi dolo
ngisendlini ngihleli ngedwa,
ngizw' amazw' abangani phandl' engimemeza,
"yiza sambe siyobabheka, sheshisa uyasibambezela"
Ngiyaphi pho mina kulamakhaza ngob' anginaye noMABHEBEZA,
Shwa Shwi, Shwi dolo
Ngikhumul' engikugqokile ngishon' engubeni,
Usizi lungikhungethe lubhalwe nasebusweni,
Kungcon' uma sekumnyama nami ngiyathandan' ephusheni,
Shwa Shwi, Shwi dolo
Sekusile kufudumele,
Ngigezile ngichophile ngigqok' ezikanokusho,
Engizitheng' izolo esitolo sikanokusho,
Sengizimisele ngokushel' umntwan' omuhle kanokusho,
Shwa Shwi, Shwi dolo
Kunjani mntwana nginguSPHAMANDLA igama,
Ngicel' ungikhiphe kwelobushiman' ibandla,
Umungas' ungiqome njengamanje ngiqinisile ngizomazis' Umama,
Vumaphela angith' uyabona ngiyakuthanda,
Shwa Shwi hhayi khona
Akukaze kwashelwa kanjena,
Angisolimuntu yingakho ngishime kanjena,
Ngiyingqongqo nginesipiliyoni kwezobushimane boqobo.

Izinkondlo : ELABO

ELABO
leli izwe lawo BABAMKHULU,
izwe lawo KHOKHO bethu,
nami ngazalelwa kulo leli,
kwelamakhehla nezinkehli,
ngivumeleni ngibubule
ngidedeleni ngisukume,
ngibabongele,
ngibahayel' emnand' ebhalwe umzukulu,
ze ngishushuzel' amanxeb' aneminjunju,
LEL' ELOBABA, LEL' ELOKHOKHO,
masinambithisis' impil' enoju lawoKHOKHO .

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Izinkondlo Zothando Ezimfishane


Olwami uthando olwamahhala
Lukhululekile, luyakukhulula
Ukuthi ube yikho lokho
Ofisa ukuba yikho
Noma kune nxenye yami
Engathanda ukuthi ikugige
Ikugigele esihlakaleni sesandla sami
Ibuye ikwemboze
Ngezintende zezandla zami
Okwetshe le rubhi* noma ubuhlalu
Beqophelo eliphezulu
Ukuze ngiku vikele
Ngibambelele kuwe
Ungalahleki nangengozi
Ungalahleki nangenhloso
Ngingakugiga nje kuphela
Ngokuthi
Ngikugigele ekhanda lami
Ngemicabango yokucabanga ngawe
Ngenhliziyo ngikwemboze
Ngemizwa yoku langazelela
Kodwa ngikukhulule
Ukuthi ukhululeke
Ukungephula inhliziyo
Ngabe luyini kanti uthando
Uma lungeyona inkululeko
Yefu lincibilika
Liphenduka ubala olubuhlazana
Lapho ngithi ngiyakuthanda
Nawe uthi uyangithanda
Yilowo kuphela umculo
Olangazelelwa izindlebe zami
Ngiyakuthanda
Ngikukhumbule
Ngiyakw esabela
Ngikukhalele
Ngoba akukho okumele
Kwenzeke
Ukuhlukumeza wena
Angikaze kule mpilo
Ngesabele enye impilo
Ukulahlekelwa yiyo
Noma
Sengibabonile impela
Baze babaningana
Ikakhukazi emaphusheni
Abakudala nabakusha
Akekho onjengawe
Uma kungukuthi
Mhlawumbe ngalanga limbe
Ngenxa yezimanga namanga
Lendlu isayo bhidlika
Ngiyo kwazi enhliziyweni yami
Ukuthi ngenze okusemandleni
Kodwa uthando,
uthando selukwenzile konke
LLM Mbatha

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Izinkondlo Zothando 

Imfihlo, yaziwa yimi nawe
Phansi ekujuleni kwenhliziyo
Ngaphansi ezinzulwini zezibilini
Lapho ngifukamele khona uthando
Kwagadla imfihlo yonyazi
Kwangathi kugadla unyazi uqobo
Maqede yaphela imizwa yothando
Imizwa yothando lomunye umuntu.
Imfihlakalo yaloluthando yaziwa yimi nawe
Ngiyayizwa intokomalo kwinhliziyo
Maqede ngezwa izinyembezi
Ngithi lapho ngizama ukuzibamba
Zehle njalo ngezihlathi
Ziphelele ezindebeni zomlomo
Ngimoyizele ngicabanga ngijulile
Ngiyibhale ngiyiqede nencwadi yothando
Lapho uma ngicabanga, ngilalele umsindo
Umsindo wempophoma
Ngithuke sengibhala inkondlo ngempophoma
Nayo eqala kancane iyisiphethu
Ngiqonde nothando lwethu olwaqala kancane
Lwaqala kancane kuhle kwesiphethu
Lwakhula kuhle komthombo ongashi
Nendodana yethu esathi kuzoba uNtando
Isiphendule lolu thando ngathi sadlisana intando
Eyethu i-Valentine insuku zonke
Usuku lwezithandani kuthina sibungaza ukuhlanganisa iminyaka
Impumelelo yalolu thando isezandleni
Kwesami nesakho isakho
Ingakho ngithi kwazi mina nawe
Imfihlakalo yalolu thando.

Inkondlo yothando

Inkondlo yothando


IMBONGI YOTHANDO
💘💝💕💖💗💘
Sthandwa Sami
Sengikhona ngingangawe,
Woza mtaka mama,
Woza ethafeni lokuhlangana kwethu,
Lapho okushaya khona umoya opholile,
Laphokuhlanganisekhona umculo wezinyoni ezicikoza kamtoti okokhokho bazo,
Nowezinyosi Ezizingela impova namanzi oju,
Woza sithamundelane izindaba zothando olumingezinyawo oludlula iziqongo,
Sixoxe kunganyakazi zindebe zomlomo
Odlulayo nobukayo angibuke angibone ngisenhlameni yenomfi,
Kanti ubuso bami nokuzithoba kwami yikhona okumshaya ngemfe ephindiwe,
Wozake mtaka mama ngikugqolozele ungigqolozele ezinhlamvwini zamehlo ziphuphuma okwethaba,
Nothando olucwebile oluyaye lushayelwe
ubuwahlawahla behlombe,
Wolwandle ludlalisele phambi kwethu
Luzibumbele imibhimbhi emihle ekhangayo efa ivuke ngukuphazima kuhle okwedangabani ,
Wozake mtaka mama ngikubambe ngqih
ngikuwolele esfubeni sami sethabe othandweni olujulile.

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Izinkondlo Zothando Ezimfishane


Thando
Thando usungehlule,
Inhliziyo yam lungehlul
Impilo yam
Ngiyadabuka,
Kusasa lam ngiya dabuka,
Thando usungehlule,
Abantu bagcina basebenzise ubuthi ngenxa yakho Thando,
Ukwazi kwenz'umuntu azibone ayisehluleki uma asehlulekile umaqondana,
Wena ukwazi ukuthand'umuntu ngaphandle kwemvumelwano phakath'kwakho nenhliziyo,
Uthanda lapho Obana khona ukuthi kunezitha zam,
Thando waba njani?
Usungaze uphukwe inhliziyo?
Usungaze ushintshe izimpilo zabantu,
Usungaze wenze I stress sokuthi Ahluleke ngish'ukudla,
Ahluleke ngish'uk'lala,
Azizwe engathi ulahliwe emhlabeni wakhe yedwa ngenxa yakho yokuphuka kwenhliziyo,
Thando lwam'usungehlule,
Sebengaze babulalane ngempela,
Ngenxa yenhliziyo ethanda kuze kweqe nenhliziyo engumenzisi,

Izinkondlo Zothando

Izinkondlo Zothando 


Mama wam
Uyisipho senhliziyo yam engay'phiwa ngumdali,
Uyisibani senhliziyo yam,
Ngyabonga mama wam,
Ngiyaziqhenya ngawe,
Uyiqhawe lamaqhawekazi,
Uyikho konke kim,
Ngyabonga mama wam,
Wangithwala izinyanga eziyisishiyaga lolunye ngesisu sakho,
Ngangingaba yini ngaphandle kwakho?
Wangincelisa ubisi lwebele,
Ungihambisa kodokotela uma ngigula,
Wena mama uyisibani esikhanyisa ikhaya uma kumnyama,
Noma kumnyama ekhaya kodwa wena uyakhanyisa,
Ukuba nawe kube yigugu kimina,
Ngoba uhleze ungifisela okuhle,
Angizimiselanga ukukuphoxa,
Ngizimiselanga,
Mhla ngigula nguwena obona kuqala,
Mhla nghluphekil okubona kuqala lokho,
Ng'yabonga mdali ngomama,
Ngyabonga mama ngokungivikela,
Ngoba ng'lala ng'dlile,
Ngoba ng'yafunda,
Mhlazane ngakubonisa ukuthi ngikuthanda kangakanani uyoziqhenya ngami,
Nawe wangishiya emhlabeni ngoba kwakugelona iphutha lakho,
Ng'yazi uyangibona laph'ukhona,
Uhlale nami,
Ngizohlala ngikuthanda mama,
Ngingasoze ngakukhohlwa nguwe,
Ngingeze ngabakhohlwa odadebethu nabafowethu,
Nabo bayakukhumbula,

Izinkondlo Zothando

Izinkondlo Zothando 


Inkondlo
Ngibhala lenkondlo,
Ngibhala lenkondlo ngedlulisa umnyalezo kulona othile osenhlizweni yam igama lakhe ligodliwe,
Ng'yabonga thando ngokung'nika uthando olungaka,
Usungaze ufunge uthi ng'yahlanya,
Ngihlanyiswa nguwe thando,
Thando uyang'hlanyisa,
Thando ujabulisa inhliziyo yam,
Angikwaz'uk'lala ng'cabanga wena,
Ngyehlulek'ukudla uwena osenqondweni yam,
Uma ngicabanga nguwe ofika kuqala enqondweni yam kubobonke abantu engike ngahlangana nabo phambilini,
Uyithemba lamathemb'ami
Uyithemba lami,
Uyisipho senhliziyo yam,
Ngiphele uma nginawe,
Injabulo yam ngiy'bona kuwe,
Ikusasa lam ngil'bona kuwe,
Ng'yafa uthando lwakho,
Uma ngikubona ukhophozela
kugijime igazi liy'enhlizweni bes ivele iyagxumagxuma
Uyay'jabulisa inhliziyo yam,
Ukube kuya ngam ngabe uhlala nam'ingunaphakade sthandwa sam,
Abantu bahlala bethi ungidlisile kodwa mna angikboni lokho,
Ungabanaki noma bathini kuwe ngam okubi,
Angeke phela bakutshel'okuhle ngami ngoba bafuna ukubhidliza uthando lwethu,
Bayohlala bakubeka amabala njengengwe enamabalabala kodwa mina ngingeze ngavuma,
Inhliziyo yam ingeze yavuma ukulahlekelwa nguwe,
Ungavumeli sthandwa izitha zingene phakath kwethu,
Ngizizwa ngiphephile since ngibhale lenkondlo,
Indlela ukuk'khombisa ukuthi ngik'thanda kangakanani,
Mbali yam,
Imbongi: SANELE Zulu

Izinkondlo Zothando

Izinkondlo Zothando 

Nomalwandle
Sekungaze kufe umuntu,
Abulawa nguthando olungaboni
Ngathanda wena nomalwandle ngoba ngiz'misele ngawe,
Akekho wang'qhuba ngenkani,
Ngangik'thanda kodwa wena wakhetha ukwephula inhliziyo yam,
Ngangiz'tshela ukuthi uyang'thanda kanti uyang'maketha,
Nam ngase ngizitshelile ukuthi abalwa nawe nam ng'yokulwela,
Uyakhumbula ung'khalela
Ungtshela ukuthi abantu bathi kukhona omunye eng'naye oseceleni,
Ngak'buza ukuthi ukholwa ngabantu?,
Ngendlela engangik'thanda kodwa wangphoxo,
Hamba juba bayokuchutha phambili,
Wawungemuhle kwunguphuma langa sikothe kodwa manje sekungushona langa zigibele emthini izinkukhu,
Ngangiz'misele ngok'thumela omaluke kodwa ngesimo sokuthi ngang'phila nomndeni ophofu,
Nawe wang'thembisa ukuthi wena awuthandi imali uthanda mina,
Seng'yabona ukuthi kanti waw'ng'makethe,
Ukuze uma kfika abadla izambane likampondo uzongdayisa,
Sasingamathe nolimi,
Kodwa manje uma ngik'bona avele amathe abuyele kwasfuba,

Izinkondlo

Izinkondlo 


NGANGINGENJE
sengiyabonga mhlaba ngidelile,
okwenze kimi ngikubonile,
izigameko zakho zingimoshile.
sengicela ukuthula ngaphakathi,
anginandaba noma bengathi bethini,
okwasemhlabeni mina kungithintile,
Kanye nempilo yona ngiyiphilile.
awu mhlaba uyahlaba,
mina ngihlebele imfihlo yakho,
ngaba nenjabulo yesikhashana
wena owabona umuntu ewine imali.
ngahlala ngibalisa njalo,
ngahlala ngibala izinto engabe ngizenzile,
ukube wena awuzange ungidonsele ophathe.
bengingunobuhle ngakihi,
ngiyinkanyezi yemvelo,
ngilapha izinsizwa ngobuhle bami,
ngikhumbuza amakhehla ebusheni babo.
bengimuhle ngifana nezimbokodo zolwanle,
ngikhazimula okwezinqansi zomlilo,
wena owabona amalahle ethintana.
bengithanda iwowonke umuntu,
ngifunwa ngapha nangapha,
wena owabona inalithi iwele otshanini.
bathi guga mzimba sala nhliziyo,
ubala izinto ondlule kuzo.

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

BAZALI BAMI
BAZAL BAM KDW NINGSHIYELAN
BAZAL NANGPHENDUL INTANDAN NANGPHENDUL'UMHAMBUMA
NGYABUZ UMANGMEMEZ KOSABEL BAN?
UMANGKHAL NGYOTHULISW UBN NA?
EYNHLUNGUNGWIN NGYODUDUZW UBN
MHLEZAN NGBUZ NGYOPHENDULW UBN NA?
SEN'NGAZ NINGSHIY KABUHLUNG KANJ
SEN'NGAZ NINGENZ'INHLEKIS KANJ
INTANDAN ENHLE BATH'UMAKHOTHW UNIN KDW NGAZ MINA NJENGOB NGINJ NGYOKHITHW UBN
AW KDW BAZAL BAM(CRYING)

izinkondlo zothando ezimfishane

izinkondlo zothando ezimfishane

Thando lwenhliziyo yam
Lapho kushon'ilanga Phesheya kolwandle,
Ngicinga ofana nawe,
Ngakufuna kodwa angik'fumani,
Ngikufune ezindlini nasestikatweni,
Ezibhedlela nase tolongweni,
Ngizokufuna ngizengikufumane,

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Izinkondlo Zothando Ezimfishane

Nomvelo
Nomvelo wam'
Wahamba wang'shiya wathuzobuy,
Ngingeke ngalinda mhlawumbe sewangihelela amancane,
Ngangithi uzoba nam'unomphela,

Kodwa lokho sekwajika kuhle kotshani bushiswe yilanga,
Bengithi uzoba nami sikhube izitha,
Wahamba ung'tshela ukuth uyang'thanda futhi uthanda mna kphela,
Wathuzobuy,
Uyakhumbula wanginika uswidi onenduku wandithembisa ukuth uzobuy,
Nam ngangi ngakunikeza ichocolate,
Sathembisana ukuth syohla sinhliziyo'yinye,
Wangibamba wangibeka ama lips ema lipsini,

Wangvalelisa ngesmill nama lips izindebe noqhekeko,
Ngangehluleka ngisho ukudla mhla ung'shiyile,
Ngangehluleka ngisho ukuthanda omunye ngoba ngangithi ngifuna ukugcina isethembiso sam'nawe,